By: Pamella Majola
INkantolo yesiFunda yaseMpangeni enyakatho yeKwaZulu-Natal isigwebe umlisa iminyaka engu-26 ngecala lokudlwengula kanye nelokuzama ukubulala ingane eneminyaka engu-6 ubudala.
Imibiko isiveze ukuthi ingane yayithunywe esitolo yabe isihlangana nalomlisa oneminyaka engu-21 ubudala nowayengumngani kababa wayo.
Wayidonsela ehlathini wayidlwengula wayishiya lapho ezitshela ukuthi uyibulele.
Okhulumela uphiko lwezokushushisa i-National Prosecuting Authority (NPA), uNatasha Ramkisson-Kara uthi bayasamukela lesigwebo.


