By: Sthulile Mdletshe
IKhomishana evikela amaLungelo, amaSiko, iNkolo ithi ayinelisekile ngendlela uphiko lokushushiswa kwamacala elusingathe ngayo icala lokudlwengula ebelithinta umfundisi wase Nigeria u-Timoty Omotoso.
Lokhu kulandela isiqnumo senkantolo enkulu e-Eastern Cape sokuchitha wonke ama cala ebebhekene nalmofundisi kanye ke nababili abesolwa nabo.
Kuzokhumbuleka ukuthi u-Omotoso waboshwa ngo-2017 esolwa ngamacala okunukubeza ngokocansi amalunga ebandla namantombazane angaphansi kweminyaka engu-18.
Zithula ubufakazi izisulu zaveza ukuthi lomfundisi ubezitika kubona ngokocansi kanti futhi kunamalunga ebandla ebenalo ulwazi ngalokhu.
USihlalo walekhomishana u-Thoko Xaluva uthi kuyakhathaza ukubona ukuthi ubufakazi obathulwa yizisulu abuzange bulandelelwe ngendlela efanele.
Lalela izindaba eziphelele ngezansi:


