By: Sthulile Mdletshe
Ikhomishana eyengamele ezokhetho i-IEC ithi izosebenzisana nezinkampani zokuxhumana okubalwa kuzo u-Google, Meta, TikTok kanye neMedia Monitoring Africa ukunqanda ukubhebhethekiswa kwemininingwane engalona iqiniso ngaphambi kokhetho lukazwelonke lwango-2024.
Oyiskhulu sakwa i-IEC u-Sy Mamabolo uthi ingxenye enkulu yabantu bakuleli bathembele ezinkundleni zokuxhumana ukuthola imininigwane ethinta ezokhetho kanjalo nezamaqembu ezepolitiki.
Uthi kubalulekile ukuthi lemithombo yezokuxhumana isabalalise imniningwane ekuyiyona yona.


