By: Pamella Majola
Inyunyana yabasebenzi ngokusansimbi iNumsa ithi ifuna abasebenzi abasembonini yezimoto banyuselwe amaholo abo okungenani ngo 10%.
Okhulumela lenyunyana uPhakamile Hlubi-Majola, uthi izinga lokuphila kulelizwe liyanyuka nsuku zonke, ngakho akuwenzi umqondo ophusile ukunyuswa kwamaholo ngenani elingaphansi kuka 10%.
Uthi ke akukwazi ukuthi izimpahla ezitolo zithi zinyuka kodwa abasebenzi ezinkampanini ezahlukene beqhubeka nokuhola imali engeke imelane nalezi zindleko.
Lalela izindaba eziphelele ngezansi:


