By: Nompendulo Ngubane


Umphakathi ohlala ezindlini ezibizwa ngolindela KwaMathe eLamontville eningizimu yeTheku uthi udonsa kanzima njengoba uphila ngaphansi kwezimo ezingezinhle ezindlini zamathini.
Lo mphakathi wasuswa eChris Hani eLamontville ngo-2009 wayiswa kolindela watshelwa ukuthi uzokwakhelwa izindlu zomxhaso kahulumeni.
Ngokusho kwalezakhamuzi lokho akukaze kwenzeke kuze kube imanje yize sekuphele iminyaka engu-14 kungekho noyedwa kubona osakhelwe indlu.
Umphakathi uthi okubi kakhulu ukuthi kulezi zindlu ohlala kuzo isimo sesisibi kakhulu njengoba nabantu beqhubeka beba baningi.
Bekhuluma nezindaba ze-Gagasi FM ngesimo ababhekene naso kule ndawo sebebeke kanje.


