By: Xolani Khumalo
UMnyango wezokuBusa ngokuBambisana uthi ithimba lawo elibhekele izinhlekelele limatasa lilekelela labo abakhahlanyezwe yizimvula ezinamandla ezihlasele izindawo ezisenyakatho yeKwaZulu-Natal.
Lezimvula zidlule nemiphefumumo yabantu abangu-4 eMtubatuba , zacekela phansi nengqalasizinda ekubalwa kuyo nezintambo zikagesi, imigwaqo kanye nezimoto.
Endaweni yakwa Somkhele kanye naKwaMyeki kubikwa ukuthi izindlu ezingaphezu kwa-70 ezibhidlikile, ezinye zapheshukelwa wuphahla.
Okhulumela umnyango uSiboniso Mngadi uthi ithimba lezinhlekelele selingenelele, njengoba imindeni eminingi isale degwane.


