Skip to main content

I-EFF isimemezele izinhlelo zokudlulisa isinqumo senkantolo yemantshi yase Cape Town ngecala elibhekene nonobhala jikelele weqembu uMarshall Dlamini.

Lokhu kulandela emuva kokuthi uDlamini usethole  isigwebo esilengisiwe sezinyanga ezingu-18 kanye nenhlawulo ka 6 thousand rands ngecala lokushaya iphoyisa uJohan Carstens, ePhalamende ngo-2019.

Lesigameko senzeka endaweni yokwamukela izivakashi ePhalamende likazwelonke ngomhlaka 7 February 2019.

Eziphendulela, uDlamini wathi wayecabanga ukuthi umholi we-EFF uJulius Malema uzohlaselwa.

Okhulumela i-EFF, uLeigh-Ann Mathys, usesigxekile lesi sinqumo.

Uthi lokhu kuyimizamo yokubeka ubuholi be EFF njengabantu abango phuma silwe.

powered by Advanced iFrame